|
Uthe
mayehamba eyofunda phesheya uMthokozisi washiya abazali
bakhe namaphilisi okungagugi (age defying).
"Nithathe elilodwa ngosuku ngize ngibuye"
kuchaza uMthokozisi. Ithe mayiphela iminyaka emithathu
waphindela ekhaya.
Mayefika kwabo kwase kungasefani nakuqala ngoba nomakhelwane
abanye base bahamba bayohlala kobelungu. Hayi angene
esangweni ahlangane nokuyintombazanyana ibelethe ingane
emhlane. Kuyasebenza impela lokhu
kwentombazane kuyashanela.
"Sanibonani" kubingelela uMthokozisi.
"Hawu bakithi! nangu umntanami!" kusho lentombazanyana,
ethuke uMthokozisi.
"Lalela Mthokozisi - wathi ungahamba ngawadla
lamaphilisi akho kepha ngadla amathathu ngosuku. Uyihlo
waba nomona uma engibona sengimusha wathatha ngamawala
wadla ayishumi-ke yena. Uyena lo osemhlane".
|
|