| Imibuzo Elishumi efanele ukubuzwa uma ufunda kabanzi ngesahluko se Bhayibeli. 1. Ngabobani abantu abahamba phambili kulesisahluko ? Bhala phantsi amagama abantu abatholakala kulesisahluko. 2. Lesisahluko sifundisani ngoKrestu? Bhala phantsi zonke izinto esingazifundayo ngoKrestu. Lapho amagama, �Nkulunkulu�, �Nkosi��. asetyenziswe khona, singathatha ukuthi achaza okuthile ngoKrestu, ngaphandle kokuba kukho okusibonisa kahle ukuba kukhulunywa ngo Baba, okanye uMoya Oyingcwele. 3. Ngaba kulesisahluko kukho umzekeliso ekufanele ngiwulandele? Ingaba ubona into kulesisahluko ekufanele uyilinganise. 4. Kukho na, kulesisahluko, okungalunganga ekufanele ngikubalekele. Ngingafundani na ngokubheka amaphutha omunye umuntu? 5. Kukho na, kulesisahluko, umsebenzi ekufanele ngiwenze? Ingaba ngiyalelwa ukuba ngenze okuthile na? 6. Kukho na, kulesisahluko, isithembiso engingazitholela sona na? Ingaba uNkunkulu usinika izwi lakhe ukuba uzosenzela okuthile na? 7. Kukho na, kulesisahluko, umthandazo ekufanele ngiwuthandaze? Ingaba umbhali uyathandaza na, okanye ubhala umthandazo womunye umuntu ongangisiza okwenza imithandazo yami ibengcono? 8. Kokuphi okuphambili okufundiswa yilesisahluko? Uma wena ubungumbhali walesisahluko, ubungasinikeza sihloko siphi? Ungasebenzisa igama elinye, amabili, noma amathathu. 9. Sesiphi isifundo esiphuma phambili kulesisahluko? Zama ukuthola ukuba umbhali uzama ukufundisa ni na. Umuntu ofunda lesisahluko, angakusebenzisa kanjani empilweni yakhe, akuthole kulesisahluko? Lapha ungasebenzisa amagama amaningi ukuphendula lokhu. 10. Leliphi ivesi eligqamile kulesisahluko, okanye ivesi eliphuma phambili? Lelivese kufanele lifakazele oku uthe umbhali azama ukufundisa. |
||||||
| If you have any questions or would like help please contact us | ||||||
| Home, Adults, Africa, Bible Study, Children, Contact us, Family, Maps, Meet the People, Prayer Pals, Prayer Requests, Tracts | ||||||