My Family

Home My Family CV Contact Me

Kunjani                         Kodwa                            Bafowethu                            Nodadewethu!!!!

 

Ngizizwa nginentokozo engelingaliswe ukuthola ithuba elinjengaleli lokuzichaza mina nomndeni wami. Ngiye ngizithole kufanele ngilisebenzise ngokukhulu ukuzigqaja ithuba lokuchaza imvelaphi yami. 

 

Ngizoqala ekhanda. Lababantu abasizalayo, uQoma noMaXaba bazalelwe bakhulela eMsinga endaweni yaseMachunwini ngaphansi kweNkosi usiMakade Mchunu. Bazithole bephoqeka ukuthi bawushiye uMsinga balibhekise kwelakwaZulu Empangeni ngenxa yezimpi zombango. Babona indawo yakwaZulu kuyindawo engcono kakhulu ekukhuliseni izingane zabo, eziyithi. 

 

Ha!! Nakhu ngicisha ngikhohlwa yindaba enkulu kangaka. Ubaba yindoda eyaganwa ngezinsuku zayo. Njengoba usuzwile, ngehla ngobaba noMaXaba, kukhona umamncane UmaNdawonde. Thina kwethu siyisithupha, izintombi ezintathu kanye nezinsizwa futhi ezintathu. Kanti umamncane yena unengane eyodwa. 

 

Noma lokhu kungahle kungabaluleki kangako kuwe, ngizozibala zonke izingane zikababa: UThembi, uBhekumuzi, uKhulani, uFundisiwe, uMzwenhlanhla, uPhiwakahle kanye noBukhosibakhe.

 

Ngiyabonga!!!

 

TOP

Created by Khulani Qoma

 

Hosted by www.Geocities.ws

1